Pamella Majola
Ungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana eKZN uThulasizwe Buthelezi usezwakalise ukukhathazeka ngokuthi kunabasebenzi bakamaspala wesifunda iZululand enyakatho ye KZN abangakayitholi imiholo yabo kaSeptember.
UButhelezi useyalele oyinhloko yomnyango, uScelo Duma, ukuthi aphenye ngokushesha imbangela yokungaholelwa kwalabasebenzi bese ethatha izinyathelo zokuthi lokhu kulungiswe.
Usephinde wayalela nokuthi bathathelwe izinyathelo zokuqondisa izigwegwe labo abazotholakala benecala lokungawakhokhi lamaholo.
Okhulumela umnyango uSboniso Mngadi usesho kanje, “Ungqongqoshe usahlanganisa lonke ulwazi azoluthola kumaspala. Kepha useyalele inhloko yomnyango uMnu uSicelo Duma ukuthi aqale uphenyo oluphuthumayo oluzokhomba ukuthi ngabe yini imbangela yokuthi abasebenzi base Zululand District bangayitholi imiholo yabo.”
“Uzophinde aqiniseke ukuthi uyangenelela ukuze kukwazi ukuthi umkhandlu ukhokhe amaholo abasebenzi engakapheli amahora angu-48,” kusho uMngadi.
Oyimenenja kaMaspala uPhilani Mosia usetshele izindaba zeGagasiFM ukuthi ngeke liphele elangoMsombuluko bengaholanga bonke abasebenzi.
UMosia uthe,”The glitches were affected by many things including the holiday, bangahola abasebenzi. Kodwa on Friday we were able to process some payments abanjwa ke ama timeline asema bank.”
Uqhube wathi, “Sixhumanile nomnyango wakwaCogta, saqinisekisa ukuthi all the other employees will be fully paid.”
Lomnyango usungenelela okwesibili ezinyangeni ezimbalwa odabeni lomaspala abahluleka ukuholela abasebenzi.
Kuzokhumbuleka ukuthi nabasebenzi bakamasipala waseMsunduzi, maphakathi nesifundazwe bake babhekana nalenkinga lapho kwaphela izinyanga ezintathu bengaholile.
Nalapho kwaze kwafinyelela ekutheni kungenelele yena ungqongqoshe uButhelezi ukuze lesimo sixazululeke.
Cofa ngezansi ulalele inkulumo kaMngadi.


