Umunyu Kutholakala Isidumbu Sikasomabhizinisi Epaki
Written by Mfundo on 1 September, 2023
By: Dawud Phungula
Umndeni wakwaMadubane eNanda, enyakatho yeTheku uthi usashaqekile ngemuva kwesigameko sokubulawa ngesihluku kuka-Nothando Yanelisiwe Madubane obese kuphele usuku enyamalele.
UNothando obengusomabhizinisi wahamba ekhaya eyokwenza ikhanda eSaloon ekuKing Dinuzulu, eThekwini ngoLwesibili njengoba ebelungiselela uhambo oluya eTurkey.
Isdumbu sakhe satholakala sidindilizile epaki eGreenwood, enyakatho yeTheku sinamanxeba okugwazwa ngoLwesithathu.
Umfowabo kaNothando, uMzamo Madubane uthi kwakumele alande udade wabo ngosuku lesigameko kepha wabuya washintsha umqondo wathi uzozibuyela.
Uqhuba ngokuthi udadewabo ubonakale kwi-CCTV egibela emotweni ekusolakala ukuthi imoto ekhokhelwa ngamakhilomitha.
Ekhuluma nezindaba zeGagasi FM ubeke kanje.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Okhulumela uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi KwaZulu-Natal, uMhlabunzima Memela, usedlulise amazwi enduduzo emndenini kaNothando Madubane kanti uthi njengomnyango baphatheke kabuhlungu kakhulu futhi banethemba lokuthi amaphoyisa azodlala indima yawo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.