UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli uthi yize zisabikwa izigameko zokubulawa kosopolitiki esifundazweni kodwa kuyamthokozisa ukuthi akusafani nakuqala.
UNtuli ubekhuluma emhlanganweni oqhubeka eMayville eThekwini nalapho ehlangene khona nezinhlaka ezibhekele ezokuphepha kanye namaqembu ezepolitiki.
Lomhlangano owokudingida kabanzi ngezinhlelo zokhetho lohulumeni basekhaya oluzokuba ngo November 4.
Kulezinyanga ezedlule kubonakale kubulawa amakhansela amathathu eIFP kanye nelilodwa leANC esifundazweni.
Ekhuluma ngezibalo azithole emaphoyiseni uNtuli usebeke kanje, “From the first of January to the 18th of September 2026 these numbers were presented to the committee. Over this period of time there has been nine murders, four attempted murders and one case of intimidation.”
UNdunankulu uphinde waveza ukuthi izifunda ezihambe phambili emacaleni okubulawa kosopolitilki kube iTheku nesifunda sasoGwini.
“Ethekwini is leading in this regard followed by UGu,” kusho uNtuli.
UNtuli uqedelele ngokuveza ukuthi yize kungajabulisi ukuthi lezi zigameko zisaqhubeka, kodwa kuyancomeka ukuthi izibalo azifani nezangezikhathi ezidlule.
“I must however also report this to you honestly. All parties present commended the relative stability of our province, noting that a fewer incidents have been reported. This too must be said, progress must be acknowledged amongst the pain,” kuchaza UNtuli
Landelela loludaba ezindabeni zeGagasi FM.



