Ungoti Usola Iziphathimandla Ngokuhudula Izinyawo Kwelika-AKA

Written by on 8 March, 2024

By: Xolani Khumalo

Ungoti wezomthetho, uMpumelelo Zikalala, usezwakalise ukukhathazeka ngalokho okubukeka sengathi ukushaya ngonyawo lonwabo kwecala lokubuyiswa kwabasolwa ababiili abase Swatini abasolwa ngecala lokubulala uKiernan AKA Forbes nomngani wakhe.

Usekuhlabe umbuzo ukudembesela kweziphathimandla zakuleli ukunikeza amaphoyisa aseSwatini imininingwane edingakalayo eshoyo ukuthi kungani kumele babuyele kuleli.

UZikalala uthi akumele kube inkinga ukubuyisa labasolwa uma kunobufakazi obuqanda ikhanda bokuthi banecala ngempela

Uyachaza-ke ngohlelo lokubuyiswa kwalabasolwa ngendlela yomthetho i-Extradition kanye nolokho acabanga ukuthi kuyimbangela yokubambezeleka kwaleli cala.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 

 

 

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background