Noluthando Mchunu
Ungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu (Cogta) eKZN uThulasizwe Buthelezi useyalele umasipala waseMpendle maphakathi nesifundazwe ukuthi ukhokhele abasebenzi yonke imali abayikweletwa umkhandlu engakapheli amahora angu-48.
Lomasipala ongaphansi kweso lomlawuli ngenxa yezinkinga zezimali awuqali ukuhluleka ukukhokhela abasebenzi ngesikhathi njengoba nasekuqaleni kwaze kwangenelela wona umnyango wakwaCogta ukuxazulula izinkinga.
Lokhu kuqhamuka emva kokuba sekuphele amasonto amane abasebenzi bakulomaspala babeka phansi amathuluzi bayovala umgwaqo uQ127, bebhikisha ngenxa yokungaholelwa.
Laba basebenzi batshele i-Gagasi FM News ukuthi sekuphele izinyanga ezine bagcina ukuhola, ngakho ke bayekile ukusebenza.
Esitatimendeni asikhiphe ngoLwesibili ebusuku, uButhelezi uthe ukungakhokhelwa kwabasebenzi kubehlisa isithunzi, kuphazamise ukuhanjiswa kwentuthuko kubantu baseMpendle.
Okhulumela umnyango wakwaCogta eKZN, uSboniso Mngadi uthe ungqongqoshe ukuqinisekisile ukuthi umnyango uzokwenza konke okusemandleni ukuthi abasebenzi bakulomasipala basizakale.
UMngadi uthe, “Ungqongqoshe uButhelezi usethembisile ukuthi umnyango uzokwenza konke okusemandleni ukuqiniseka ukuthi abasebenzi baka masipala waseMpendle bathola okungokwabo.”
Ungqongqoshe uphinde wanqumela lomaspala ugwayi katiki. UButheleze uyalele lomaspala ukuthi ukhokhele abasebenzi yonke imali abayikweletwa umkhandlu engakapheli amahora angu-48.
Lalela inkulumo ka Mngadi ngezansi…







