Skip to main content

Noluthando Mchunu

Ungqongqoshe wezempilo Kwa-Zulu Natal uNomagugu Simelane usenxuse umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ukuvikela abasebenzi bosizo lokuqala.

Lokhu kuza njengoba umnyango kade wethula ngokusemthethweni ama ambulensi amasha kanye namabhasi athutha iziguli eMaoti enyakatho yeTheku.

Umnyango uthi kulezinyanga ezedlule kubonakale zanda izigameko lapho abasebenzi bama ambulense behlaselwa babanjwe inkunzi kwesinye isikhathi balinyazwe.

Okhulumela umnyango uNathi Olifant uthi njengoba kusanda kubungazwa i-National Emergency Medical Services Day kubalulekile ukuthi labasebenzi bavikelwe ngenxa yobucayi bomsebenzi abawenzayo.

“We must replace our emergency vehicles to expand our operational capacity and give our frontline personnel the resources they need to respond to emergencies and transport patience safely,” kusho uOlifant.

Uqhube wathi,”The new ambulance and patient transport buses will service delivery across the provinces districts, strengthen the existing fleet and improve vehicle availability.”

UOlifant uphethe ngokuthi ukuqala kokusenenza kwalezi zithuthi kuzokwehlisa incindezi kuphinde kwenze umsebenzi wabosizo lokuqala usheshe.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ka Olifant…