Skip to main content

By: Pamella Majola

UMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa uthi isinqumo seSACP sokungenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngokuzimela sizodida abantu abaningi.

uRamaphosa usho kanje ekhuluma namalungu eANC, njengoba namhlanje kuqala umhlangano womkhandlu walenhlangano i-National General Council eBoksburg eGauteng.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngemva kokhetho lukazwelonke nolwezifudazwe ngonyaka owedlule, i-SACP ebihlezi ivota ne ANC ngezinkhetho, yazwakalisa ukungenami ngesinqumo seANC sokungena kuhulumeni wobumbano ne DA.

uRamaphosa uqhuba ngokuthi yize beseseka lesinqumo samakomanisi, kodwa sizobeka engcupheni ukusebenza kombimbi olungaphansi kweANC.