Skip to main content

Noluthanda Mchunu

Owesilisa obhekene nohide lwamacala okudlwengula usephinde wengezelwa amanye amacala okuthiwa wawenza ngo-2014 kuya ku2024 eCato Manor eThekwini, ePlessislaer nase Taylors Halts ePietermaritzburg maphakathi ne KZN.

Lowesilisa oneminyaka engu 46 ubudala uvele okwesibili enkantolo kaMantshi eThekwini emva kokukhalelwa amasongo kasigonyela ngesonto eledlule.

Ngenkathi lomsolwa evele okokuqala enkantolo umbuso wayalela ukuthi igama lakhe lingadalulwa emphakathini kanjalo nezithombe zakhe.

Isizathu sokungadalululwa kwakhe ukuthi kwakusamele kwenziwe uhlelo olwaziwa nge Identification Parade ngenxa yokuthi lamacala wayewenza ezifihle ubuso.

I-ID parade inqubo yamaphoyisa lapho ufakazi noma isisulu sobugebengu sibheka iqembu labantu ukuze sizame ukuhlonza umsolwa.

Okhulumela i-NPA uKhethokuthula Sangweni usebeke kanje,”Umbuso wengeze amanye amacala ekubalwa kuwo ukushaya, ukushaya ngenhloso yokulimaza, ukuthumba, ukweba, ukubamba inkunzi ngesihluku nokugqekeza ngenhloso yokudlwengula.”

USangweni uqhube ngokuchaza ukuthi yiziphi izizathu eziholele ekutheni icala lihlehliselwe umhkaka 28 October.

“Udaba luhlehlele u 28 October 2026 ukuze kuqhubeke uphenyo nokuthi umholi wezokushushisa eThekwini anqume ngodaba,” kusho uSangweni.

“Ummangalelwa uzohlala esitokisini ngoba ukhethe ukungasifaki isicelo se-bail.”

Cofa ngezansi ukulalela izwi likaSangweni

Disclaimer: Isithombe esisetshenziswe lapha akusona esomsolwa.