Skip to main content

By: Noluthando Mchunu

Owesifazane obebhekene namacala enkohlakalo esebenzisa igama lomnyango wezokuhlaliswa kwabantu eKZN usegwetshwe izinyanga ezingu 6 ebhadla ejele noma akhokhe inhlawulo ka-10 000 wamarandi.

UNozipho Mathenjwa uzivumele ngokwakhe enkantolo ukuthi ubeqola abantu imali ebathembisa izindlu zomxaso, amathenda okwakha izindlu kanye nemisebenzi kulomnyango.

uMathenjwa kubikwa ukuthi lomkhuba ubewugila kakhulu kubantu baseMkhanyakude enyakatho neKZN abanezinkampani, ebathembisa ukuthi bazohlomula kumaTender uma bekhokhela yena imali.

Okhulumnela Umnyango uNdabezinhle Sibiya uthi basishayela ihlombe isinqumo senkantolo.

“UNgqongqoshe ushayele ihlombe ithimba lakwa department of human settlement ebelisebenzisana namaphoyisa okuyikona okwenze ukuthi agcine egwetshiwe kanti ke, ungqongqoshe usexwayise ezinye izigebengu ukuthi ithimba lakwi department njengoba lisebenzisana namaphoyisa, lisezithendeni zazo izigebengu lezi eziqhubeka nokulutha umphakathi ziqamba amanga zithembisa umphakathi amathuba omsebenzi.” kubeka uSibiya.