Nompendulo Ngubane
Owesilisa wase Swapo A eCopesville e-Maritzburg maphakathi neKZN okade ecele usizo lokungcwaba ubaba wakhe usegcine ekutholile ukusizakala.
USiphosethu Nxumalo oneminyaka engu 29 ubudala futhi oyindodana ka Patrick James, ubecele usizo lokufihla ubaba wakhe ngenxa yokuthi eakanayo imali kanti nomndeni kababa wakhe akawazi.
Isidumbu sika James bese sihlale emakhazeni esibhedlela sikahulumeni kusukela ngenyanga ka July.
Emva kokuphumela obala ezindabeni zeGagasiFM mayelana nokucela usizo, inkampani yabangcwabi Isibiya Funerals isikuqinisekisile ukuthi izozisingatha zonke izindleko zomngcwabo.
Isikuqinisekisile nokuthi umngcwabo uzoba ngoLwesine endaweni yase Copesville. Umnikazi weSibiya Funerals uVusi Sibiya uthi isidumbu sika James sesilandiwe emakhazeni esibhedlela sayiswa kwawakhe amakhaza.

U-Sibiya uphinde waveza ukuthi uMaspala waseMsunduzi nawo usulule isandla walekela ngokuxhasa ngomgodi wamahhala.
“UMasipala waseMsunduzi ube ususixhasa ngomgodi. Ngolwesine sobe sesihambake sesiyombeka,” kusho uSibiya
Lalela inkulumo kaSibiya ngezansi…
Akuyena uSibiya kuphela othe walekelela kuloludaba. Kuphinde kwabonakale namanye amalungu omphakathi ekubalwa kuwo umsunguli weFather’s and Sons movement, uLungisani Simelane ecela ukuxhunyaniswa naye uNxumalo ezinkundlei zokuxhumana.
Izwi likaMhleli: Izindaba zeGagasi zizoqhubeka nokulandelela loludaba luka Nxumalo.


