By: Zilungile Mkhize
Usekela khomishana wamaPhoyisa obhekelele ukunqandwa kobugebengu, uShadrack Sibiya usephike wema ngentaba ukuthi kukhona ubudlelwano benkohlakalo yamathenda anabo nosomabhizinisi uVusumuzi “Cat” Matlala kanye no Brown Mogotsi.
uSibiya usho kanje ekhuluma phambi kwekomiti lesikhashana lePhalamende, eliqokelwe ukuphenya ngezinsolo zenkohlakalo ezenziwa ukhomishana wamaphoyisa eKZN uNhlanhla Mkhwanazi.
uSibiya uthi ukusebenzisana kwakhe no Matlala kanye noMogotsi kwaba yinto yesikhashana futhi ubudlelwane babo abuqinile neze.
Ngaphezu kwalokhu, usekuchithile ukuthi uMogotsi wake wahlela imihlangano phakathi kwakhe noNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu, ekucacisa ukuthi akekho umuntu wangaphandle ongahlela umhlangano wezikhulu zamaphoyisa.





