Noluthando Mchunu
Umhlaziyi wezepolitiki uSandile Swana uthi izinkinga ezibonakala zikhungethe i-ANC manje, kade zaqala futhi zidalwa abantu abangaphakathi kulenhlangano ikakhulukazi ubuholi obuphezulu.
I-ANC njengamanje ibhekene nengwadla yokuthi iyise ikhomishana eyengameli ezokhetho i-IEC enkantolo ukuze ibuyekeze isinqumo sayo sokuthi ngeke isilule isikhathi kulabo abahlulekile ukungenela ukhetho.
Ukhongolose uhlulekile ukubhalisa amagama abantu abangaphezu kuka 100 ngaphambi kosuku lukaNqamulajuqu ngesonto eledlule.
UNobhala-Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula, uthi leli qembu lahambisa uhlu lwalo lamagama abantu elizofolosa ngabo ngokhetho lohulumeni basekhaya kwiKhomishana i-IEC ngaphambi komnqamulajuqu, kodwa izinkinga zobuchwepheshe zavimba ukuthi kuqinisekiswe ngokuphelele ukuthunyelwa kwazo.
UMbalula uthi leli qembu belingazimisele ukwengeza noma ukushintsha amagama, kodwa belicela i-IEC ukuthi icubungule imininingwane eyayivele ifakiwe ohlelweni layo.
“Abasebenzi abebesebenza ohlwini oluthintekile bavalelwe ngaphandle kohlelo lweKhomishana, kwase kuthi ukuqinisekiswa kokuthunyelwa kolwazi kumiswa,” kusho uMbalula.
Lolu daba luthinta abafolosi abangu-181 be-ANC abebefolosa ezikhundleni zomasipala abayisithupha e-Eastern Cape, KwaZulu-Natal naseFree State.
USwana uthi lokhu kuyizinkomba zokuthi kunabantu abangaphakathi kulenhlangano abahlose ukuyidicilela phansi nokuthi ibukeke ingahlelekile emphakathini.
Lalela izwi lika Swana ngezansi…







