UThwala uthi umphakathi kumele uzizwe uphephile phakathi kwamaphoyisa

Written by on 10 July, 2024

By Nompendulo Ngubane

 

Isikhulu esiphezulu esiteshini samaphoyisa eMarianhill uMuzi Thwala, sithi akekho umuntu wesifazane noma izingane okumele zihlukumezeke egameni lamaphoyisa, ikakhulukazi lawo angamadoda.

 

Kuzokhumbuleka ukuthi inyanga kaJuly inyanga lapho iNingizimu Africa ibungaza abantu besilisa, kanti kuba nayithuba lapho izinhlaka ezahlukene ziba nemihlangano ukuxoxisana ziphinde ziluleke amadoda.

 

Ukuqwashisa kule nyanga, amaphoyisa avela emikhakheni eyahlukene, asanda kubamba imashi enokuthula eThekwini nalapho ethumele khona umyalezo wokulwisana nkuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background