Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

Uyaqhubeka nokuphekwa ngembuzo ufakazi wombuso u-Solomon Raphadu nophinde abe yinhloko yabaseshi esiteshini i-Ennerdale, eGauteng.

URaphadu uvele enkantolo enkulu ePitoli nalapho kuqhubeka khona icala lokubulawa kwalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekhaya lentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng ngo-2014.

Kuleli viki kuvele ukuthi umsolwa u-Bongani Tanzi washaywa amaphoyisa waze wacishe wafa emsayinisa isitatimende sokuvuma icala lokubulala angalazi.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/v48y85W1WJpNVB&podcast_id=18e667ad-22a2-42dc-8636-c9ba22995920″ width=”100%” height=”200″]