Skip to main content

By: Phakeme Mnguni

Sekushone abantu abane (4) emva kokuthi kutholane phezulu izinswelaboya kanye nethimba lakwa SAPS iSpecialised Unit, ekhoneni lomgwaqo u Moses Kotane kanye no Barns Road e Sydenham, eThekwini.

Kulabasolwa abahlanu, abane basale enkundleni kwathi oyedwa watakukulwa abezimo eziphuthumayo emva kokuthi ethole amanxeba okudutshulwa emzimbeni.

Labasolwa kubikwa ukuthi bebefunwa ngamaphoyisa, ngobugebengu obahlukahlukene obunobudlova, ukudunwa kwezimoto ezithwala imali kanye nokubulala.

Imibiko ihlongoza ukuthi besendleleni beyobulala umlisa mumbe ongusomabhizinisi kanye nonogada bakhe ababili.

Amaphoyisa athi labasolwa kade sebebaqedile abantu, ikakhulukazi endimeni yezokwakha.

Emotweni ekade bebaleka ngayo kutholakale izibhamu inani lazo elingakodalulwa, kanti esisodwa salezibhamu kubikwa ukuthi kade kungesamaphoyisa.