Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Amaphoyisa asesishayele ihlombe isinqumo seNkantolo kaMantshi e-Alexandra eGauteng sokwenqaba isicelo se bheyili sika somabhizinisi osolwa ngokuzama ukubulala uVusumuzi Cat Matlala.


Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke u-Athlenda Mathe uthi ukudedelwa kuka Matlala nge bheyili bekuzobeka engcupheni impilo yofakazi nabaphenyi.


Izolo iJaji elisabambile, uPieter du Plessis, linqume ukuthi u-Matlala agcinwe esitokisini njengoba lithi ukudedelwa kwakhe ngeke kube nobulungiswa.


UMatlala ubhekene namacala okubalwa kuwo ukwakha itulo lokubulala owayeyintombi yakhe, umlingisi uTebogo Thobejane ngo-2023, ukukhwabanisa, kanye nokushushumbisa imali.


UMathe uthi ezokuphepha seziqinisiwe ke ukuvikela ithimba labaphenyi.