Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Isikhulumi samaphoyisa kuzwelonke u-Athlenda Mathe sithi izelamani zakwa Ndimande, ezisolakala ekubulaweni kuka Kiernan “AKA” Forbes noTebello “Tibz” Motsoane, ziyingozi enkulu emphakathini.

Lezelamani, uSiyabonga noMalusi Ndimande, ezilandwe eSwatini namhlanje ekuseni, zitheleke esikhumulweni sezindiza iKing Shaka, ziqhutshwa inqwaba yamaphoyisa njengoba bezigadwe ngeso elibukhali ukuze zingeqi nangephutha.

UMathe uchaze laba bobabili njengezinkabi ezikhokhelwayo ukuze ziyobulala, futhi akumele beqe ejele.

“Lezelamani ziphinde zimataniswa necala lokubulala usomatekisi nokuzama ukubulala unkosikazio wakhe eManzimtoti eningizimu neTheku ngo-2022, kanti elesibili elokubulala u-AKA kanye Tibz.

“Bazothathwa izithupha emva kwalokho badluliselwe esiteshini samaphoyisa nalapho bezothweswa khona amacala, ngaphambi kokuyobingelela imantshi,” kubeka uMathe.

UMathe uqhuba ngokuthi ukubuya kwalezelamani kungumzuzu omkhulu kuleli.