By: Noluthando Mchunu
Amaphoyisa kaMasipala weTheku asezwakalise ukukhathazeka ngokwenyuka kwesibalo sezingane zesikole ezibonakala zizicanasela nje emabhishi ngesikhathi sesikole.
Okukhathaza kakhulu amaphoyisa ukuthi ezamantombazane yizona ezigila kakhulu lomkhuba.
Esigamekweni sokuqala esenzeka ngolwesihlanu olwedlule, izingane zamantombazane ezineminyaka engu-14 ubudala kwaphoqeleka ukuthi ziphelezelwe amaphoyisa ezibuyisela esikoleni emva kokutholakala zizihambela eDurban Beachfront.
Izolo kuphinde kwatholakala ezinye futhi izingane zamantombazane endaweni efanayo.
Amaphoyisa asehlabe ikhwelo kubazali ukuthi baqaphele izingane zabo baqinisekise nokuthi ziyafinyelela ezikoleni.
“Sinxusa abazali nalabo ababambe iqhaza lokuqapha lezingane ukuthi bazibheke ngeso elibanzi uma ziya noma sezibuya esikoleni, futhi baqinisekise ukuthi zisesikoleni ngesikhathi sokufunda.
“Ukulova akuphazamisi nje kuphela imfundo kodwa futhi kubeka abafundi abasebasha engcupheni yokuzithola ezindaweni eziyingozi nasezicini zobugebengu,” kubeka isitatimende samaphoyisa.
Athi ke azolokhu eqhubeke njalo nokutheleka eBeachfront kanye nakwezinye izindawo asbonile ukuthi ziyinkinga ezoqapha isimo nokuqikekela ukuthi abafundi baphgephile ngezikhathi zonke.



