By: Noluthando Mchunu
Amaqembu ezepolitiki eThekwini asekhwele adilika kumasipala wedolobha ewusola ngokwehluleka ukuxazulula izinkinga ezibhekene nohlelo lukaHulumeni i-Expanded Public Works Programme, iEPWP.
Lamaqembu aphawule kanje kulandela isinqumo sikaNgqongqoshe wezemisebenzi yomphakathi uDean Mcpherson sokumisa imali yoxhaso enikezwe loluhlelo ngonyaka wezimali u2026/2027.
Umbiko kaMcwaningi Mabhuku waveza ukuthi kuloluhlelo, izimali bezingasebenzi ngendlela efanele kuholelwa nabasebenzi abangekho.
USihlalo weAction SA eKZN uZwakele Mncwango uthi sekukaningi bebikela umasipala ngenkohlakalo ethinta i-EPWP kodwa izikhalo zabo zishaywa indiva.
Uthi kuze kube inamhlanje abakaze bazithole izimpendulo, yize bathumela uhlu lwemibuzo ngo-July wangonyaka ka-2024 kumphathi wedolobha kanye nesikhulumi sephalamende, yingakho besamukela isinqumo sikaNgqongqoshe.
Kanti ohola iCaucus yeDA kumasipala uThabani Mthethwa uthi sebebhalele imeya ukuthi imise emsebenzini iManager yoMkhandlu uMusa Mbele ngoba sekunesikhathi yazi ngalezinkinga kodwa ingenzi lutho ngazo.
Uziphendulela umspala ukhiphe isitatimende uveza ukuthi uzimisele ukulungisa izinkinga ezibhekene nohlelo lwe EPWP.
Uqhuba ngokuthi ngemuva kombiko ka Mcwaningi Mabhuku, ube usuqhamuka nezindlela zokulwisana nenkohlakalo.



