Pamella Majola
OwayenguSekela likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uShadrack Sibiya, unqatshelwe ibheyili eNkantolo kaMantshi eRandburg, eGauteng.
Imantshi uHleziphi Mkhasibe inqume ukuthi uSibiya akazange aveze izizathu ezanele nezigculisayo zokuthi akhululwe ngebheyili.
USibiya ubhekene namacala ahlanganisa ukuthumela izithombe zocansi enganeni eneminyaka engu-16 ubudala, ukudlwengula owesifazane oneminyaka engu-18 ubudala ehhotela eGoli ngoMeyi, kanye nokushushumbiswa kwabantu.
Uzoqhubeka nokugqunywa eKgosi Mampuru Correctional Centre ePitoli kuze kube umhlaka-24 kuNovemba, lapho ezobuyela khona enkantolo.
USibiya wesule esikhundleni sakhe emaphoyiseni ngesonto eledlule, kulandela ukuboshwa kwakhe.
Khonamanjalo, uphiko lwezokuShushiswa koMphakathi i-National Prosecuting Authority selwamukele ngesasasa isinqumo seNkantolo.
Okhulumela i-NPA uKaizer Kganyago, uthi umbuso wethule ubufakazi obuqinile obubhekene noSibiya, futhi bakulungele ukuqhubeka necala noma yinini uma uSibiya efaka isicelo sokudlulisa isinqumo senkantolo sokumnqabela ibheyili.
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ka Kganyago…
Icala lihlehliselwe umhlaka-24 kuNovemba nonyaka.



