Xolani Khumalo
Inyunyana yabasebenza ngezimoto i-MISA isinxuse ukuthi kwandiswe izinhlelo zokuqwashisa ngokhwantalala olubhekene nentsha, ukuhlukumezwa kwayo ezinkundleni zokuxhumana, kanye nemicabango yokuzibulala.
Lenyunyana isho kanjena nje kulandela ukushona kwamantombazanyana amabili ngokuzibulala kulenyanga.
Enye yawo ibifunda u-matric e-St Anne’s Diocesan College eHilton maphakathi ne KZN kanti enye ibifunda eMitchells Plain esifundazweni sase Western Cape.
Uyise wale yase Western Cape uveze ukuthi indodakazi yakhe bese kuphele izinyanga ihlukunyezwa ezinkundleni zokuxhumana.
Oyisikhulumi se MISA uPhakamile Hlubi-Majola uthi imindeni, izikole kanye nemiphakathi kumele babambisane ukuvikela intsha.
“MISA urges parents and guardians to remain vigilant for warning signs such as emotional withdrawal, persistent sadness, irritability, changes in sleeping patterns and declining academic performance.”
“Parents should take and active interest in their children’s online lives and create opportunities for regular judgement free conversations at home,” kusho u Hlubi-Majola.
Cofa ngezansi ukuxwa inkulumo ka Hlubi-Majola…



