By: Noluthando Mchunu
INkantolo yeSifunda eMtubatuba isigwebe abalisa ababili udilikajele umuntu ngamunye ngecala lokubulala indoda eHluhluwe, enyakatho neKZN, ngo Novemba 2024.
UNgangoba Gina noMxolisi Khumalo babesensimini yabo kamoba ngesikhathi bebona ukuthi ucingo olubiyile lunqunyiwe, basola umufi Sandile Gumede base bemzingela.
Bamthola esasebenza kwenye insimu base bemyalela ukuthi alungise ucingo lwabo ngokushesha kodwa kwanqaba.
Omunye owayekhona wazama ukulamula wathi akuyiwe enduneni kodwa bamziba bagenca uGumede ngocelemba umzimba wonke.
Okhulumela i-NPA uKhetha Sangweni uthi UGumede waphuthunyiswa esibhedlela wafika washonela khona.
“Ngaphezu kwesigwebo, inkantolo ithe abafanele ukuba nemvume yokuphatha isibhamu, i NPA iyakwamuykela ukuphothulwa kwaloludaba ngempumelelo.
“Amalungu omphakathi ayaxwayisa ukuthi angazibambeli kodwa abikele abomthetho uma kukhona izinkinga ukuze zisombululwe ngendlela efanele,” kubeka uSangweni.



