Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Amaphoyisa aseqale uphenyo mayelana netulo lokuzama ukubulala ofakazi ecaleni lokusocongwa kowayengunozinti we Bafana Bafana uSenzo Meyiwa.

Kushube isimo enkantolo eyamajaji ePitoli izolo ngesikhathi amaphoyisa ekhiphela phandle balisa abathize kungazelele muntu.

Amaphoyisa abe esekhipha isitatimende esiveza ukuthi labalisa basezandleni zabomthetho ukuze bahlonywe ngemibuzo, kubhekwe nokuthi abanawo yini amacala abathinteka kuwo.

Okhulumela amaphoyisa uAthlenda Mathe uthi kunedlanzana labalisa abebelokhu behambela icala lika Meyiwa nokusolwa ukuthi bebefuna kuze kuvele ithuba lokuthi bahlasele ofakazi abathile noma abameli.