Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

Abalisa abahlanu sebedutshulwe babulawa amaphoyisa endaweni yase Nanda ka Bester entshonalanga yeTheku.

Amaphoyisa aveze ukuthi labalisa abebefunwa ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala nokugqekeza kuhlonyiwe badubule kuqala emaphoyiseni nokuholele ekutheni abakasidlodlo badubule nabo, base besala enkundleni.

Lesi sehlakalo senzeke namuhla ekuseni khona endaweni yase Nanda.

Ekhuluma endaweni yesigameko okhulumela amaphoyisa eKZN uRobert Netshiunda uthi bayakholelwa ukuthi laba abadutshuliwe bangabanye bezigebengu ebese zihluphe kakhulu futhi ebezifunwa amaphoyisa njengoba lendawo kanye nezinye ezisondelene nayo kuxhaphake izibhamu nobugebengu obuphezulu.

“Sikholwa ukuthi emva kokufa kwalaba abangu-5, sesisihlakazile isidleke saleliqembu lemigulukudu ngenxa yokuthi besazi vele ukuthi sifuna bani. Bonke kade sesibahlonzile kanti sithe uma sifika endaweni yesigameko sathola ukuthi iboina bonke laba ekade sibafuna,” kubeka uNetshiunda.

Uqhuba ngokuthi okubakhathazayo njengamanje ukuthi kulomphakathi kusagcwele izibhamu, kanti uma kusakhona lezibhamu bonke abantu abaphephile ngoba izona ezisetshenziswa ukuhlalisa umphakathi bubhojozi.