Skip to main content

By: Pamella Majola

Owayengungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele uthi uma engase abizwe ukuzokwethula ubufakazi phambi kwekhomishana kaMadlanga, angagonyuluka konke ngokwazana kwakhe nosomabhizinisi osolwa ngobugebengu u-Vusumuzi CAT Matlala.

Igama likaMatlala kanye nelika Brown Mogotsi lindiza phezulu kulaba esebethule ubufakazi ngaphambi kwalekhomishana.

Basolwa ngokudlala indima enkulu ezinsolweni ezenziwa ukhomishana wamaphoyisa eKZN uNhlanhla Mkhwanazi, nala adalula khona ukuthi osopolitiki basebenzisana zezigebengu ukugxambukela ekusebenzeni kwamaphoyisa.

Lokhu ke kwaholela ekutheni uMengameli asungule ikhomishana kaMadlanga ukuze, kwenziwe uphenyo mayelana nalezinsolo.

uMkhwanazi kanye nokhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uFannie Masemola sebathule ubufakazi, nala besola khona ungqongqoshe wamaphoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu ngokubandakanyeka ekuhlakazweni kwethimba eliphenya ngokubulawa kosopolitiki i-Political Killing Task Team.

Namhlanje uMasemola ekhuluma ngaphambi kwekhomidi lephalamende nalo eliphenya ngezinsolo uthi akukho angakwenzanga ukulwisana nokuhlakazwa kwe PKTT.

Kanti ngenkathi uphiko lwamaphoyisa i-National Intervention Unit lugasele emzini kaloyo oyisekele likaMasemola uShadrack Sibiya, osamisiwe emsebenzini ngenxa yezinsolo usesho kanje abezindaba

Obephethe abasebenzi ehovisini likaMchunu uCedrick Nkabinde uthi ishayisa amakhala indlela izinto ezenzeka ngayo njengamanje.

Kanti uMchunu yena wadalula ukuthi umi ngomumo okuyothula ubufakazi bakhe ngaphambi kwekhomishana kaMandlanga.