Skip to main content

By: Bright Ntuli

Abalisa abangu-4 abasolwa ngokubulala uOupa Sefoka, owaziwa ngelika DJ Sumbody kanye nonogada bakhe ababili sebezobhekana namanye futhi amacala phezu kwaleli kulandela ukuthi amaphoyisa ebamatanise namanye futhi amacala okubulala eGauteng.

Labasolwa uKatiso Molefe, Michael Pule Tau, Musa Kekana, kanye no Tiego Mabusela basolwa ngokuba nesandla nasekubulawebi kuka Hector Buthelezi, owayedume ngelijka DJ Vintos, kanye no Don Tindleni.

Abakwasidlodlo ke bathi ubufakazi bamagobolondo ezinhlamvu, bumatanisa labasolwa nesibhamu esabulala abanye futhi abantu.

 Oyisikhulumi samaphoyisa u-Athlenda Mathe uthi isicelo sika Molefe sebheyili sizolalelwa ngomhlaka 6 wenyanga ezayo.