By: Sthulile Mdletshe
Kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo yeMantshi yase-Alexandra ekupheleni kwalenyanga ya-July abalisa abane abasolwa ngokubulala u-Oupa Sefoka, owayedume ngelika-DJ Sumbody.
Kuzokhumbuleka ukuthi uSefoka waduthulwa wabulawa ngentululwane yezinhlamvu eWoodmead eGoli ngoNovemba 2022.
Kulesi sigameko kwashona nabanye abantu ababili abathola amachaphazelo.
Kulabasolwa ababoshwe eGoli izolo ntambama, abathathu kubo basolwa ngokuba yizinkabi, besekuthi oyedwa usolwa ngokuba ungungqondongqondo wokuhlelwa kwetulo lokusoconga uSefoka.
Okhulumela iNPA uPhindi Mjonondwane uthi lelicala lihlehliselwe ukunikeza umbuso, isikhathi esanele sokuqhubeka nophenyo ngaphambi kokuthi kufakwe isicelo sebheyili.
Uthi ke bavezile enkantolo ukuthi umsolwa wesine uzogcinwa ejele eKgosi Mampuru kanti nomshushisi ucacisile ukuthi kunophenyo oluqhubekayo futhi ukuqinisekisa ukuthi loluphenyo luba yimpumelelo, lomsolwa uhlukanisiwe nabanye abasolwa abasejele laseGoli iSunCity nomunye oyedwa ose Modderbee Correctional centre.





