UNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu uVelenkosini Hlabisa uthi omasipala kumele bathuthukise ngokushesha ingqalasizinda ukuphathwa kwezezimali kanye nezidingo nqangi ukuze bahehe abatshli zimali futhi beseke nokukhula komnotho.
U-Hlabisa usho kanje ngesikhathi ethula inkulumo yakhe engqungqutheleni i-Sustainable Infrastructure Development Symposium ebanjelwe Kapa.
Uthi amanzi, ugesi, ukuthuthwa kwendle kanye nezinsiza zokulahla imfucuza ezithembekile zibalulekile ekuqiniseni ithemba labatshalizimali.
U-Hlabisa usenxuse omasipala ukuthi baqinisekise ukuthi izakhamuzi ziyazikhokhela izinsiza.




