Skip to main content

By: Bright Ntuli

I-ANC KwaZulu-Natal ithi ayingabazi ukuthi isiphakamiso sokuthi kuvotelwe ukuthi abusethenjwa ubuholi bukandunankulu wesifundazwe uThami Ntuli ngeke siphumelele.

I-MK Party okuyiyo eqhamuke nalesiphakamiso isisole undunankulu uNtuli ngokungawuphathi ngendlela efanele uhulumeni wobumbano lwesifundazwe iGPU.

Lenhlangano isola lohulumeni nangokuba nenkohlakalo.

Ongusekela sihlalo wesibili wesigungu esiphezulu se ANC eKZN uSiboniso Duma, uthi uyakholwa ukuthi lesiphakamiso sinenhlese yezepolitiki futhi iMKP ayisenzanga ngoba icabangela abantu baKwaZulu Natali kodwa inezinhloso zayo.

“Esikubeke eqhulwini kakhulu ukuthi ngabe abantu bakulesifundazwe ngabe bazokuthola yini ukulethwa kwezidingongqangi, ngabe iKZN izobaheha yini abatshalazimali? izivakashi ngabe zizothola ukwamukelwa okufudumelele yini?

“Ikona loko esikugcine emiqondweni yethu, hhayi ivoti lokungabethembi ubuholi- okuyinto eyenziwa ngamabomu,” kubeka uDuma.