By: Zilungile Mkhize
I-ANC ithi ishaqekile, idumele futhi ikhathazekile ngokudlula emhlabeni kobeyilungu layo nenxusa lakuleli eFrance, uNathi Mthethwa.
UMthethwa owake waba ngungqongqoshe wamaphoyisa kanye nowezemidlalo namaciko ngaphambi kokuthi ajutshwe phesheya kwezilwandle, udlule emhlabeni eseneminyaka engu-58 ubudala, kanti ubebikwe njengomuntu ongaziwa ukuthi ukuphi ngoMsombuluko kulandela ukuthi umkakhe ezwakalise ukukhathazeka ngomyalezo amthumele wona.
Amaphoyisa asenhloko dolobha yase France i-Paris, athi isidumbu sakhe sitholakale izolo, kanti kukholakala ukuthi uwe estezi sika-22 ehotela abehleli kulo.
Nokho ke imbangela yokuwa kwakhe ayikacaci.
Igama lakhe silanda kuvela nakwi khomishana kaMadlanga ngeviki eledlule, esolwa ngokuthinteka enkohlakalweni edla lubi emaphoyiseni akuleli.
Okhulumela i-ANC kuzwelonke Mahlengi Bhengu, uthi inhlangano igqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni kuka Mthethwa, obeyilungu eliqavile likaKhongolose.




