By: Bright Ntuli
I-Build One South Africa ithi kuyakhathaza ukuthi emacaleni angu 21 million avulwe kuleli, angu 13.2 million awo akukagwetshwa muntu.
Ithi lokhu kusho ukuthi 61.7 % walamacala ugcina ngokuvalwa, ngenxa yokungabibikho kwenqubekela phambi ngawo – aphelele emoyeni.
Lokhu kuchaza ukuthi njalo emacaleni angu 10, angu 6 awo agcina engaxazululiwe.
Okhulumela iBOSA uRodger Solomon uthi lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi uhlelo lwezobulungiswa kuleli ludonsa kanzima namaphoyisa akuleli ayehluleka ukuphothula amacala.
“Ubugebengu budlange ngendlela eyisimanga kuleli kanti imiphakathi iyona ethwele ijoka lamaphoyisa ahlulekayo ukulwa nalobugebengu, ukunganeli kwamaphoyisa kanye neziteshi zamaphoyisa ezinganikwa imali eyanele.
Uqhuba ngokuthi ekuqaleni kwalonyaka iBuild One South Africa yaveza ukuthi umbutho wamaphoyisa kuzwelonke usebenza ngamaphoyisa ashoda ashoda ngabaseshi abangu-2000.




