I-Congress of the People isinxuse uhulumeni ukuthi asebenze ngokuphuthuma ukulungisa nokuthuthukisa imboni yezokuthutha kulelizwe.
Lenhlangano isho kanjena njengoba isigxeke ukwephulwa komthetho okukhonjiswa yizikhohlakali ekubikwa ukuthi zisembonini yamatekisi.
Lokhu kubandakanya ukubulawa kuka Sandile Mvelase wasoLundi enyakatho ye KZN obengumshayeli we-e-hailing, eMaponya Mall eSoweto, kanye nemibiko yodlame, izinsongo kanye nokuhlukunyezwa kwabashayeli nabagibeli abazimele.
UNobhala Jikelele weCOPE osabambile u-Arthur Ketile, uthi lezi zenzo zobugebengu zihlasela inkululeko, amalungelo kanye nokuphepha kwezakhamuzi, okumele ngabe zihola izithuthi eziphephile nezithembekile.




