By: Bright Ntuli
Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi i-Congress of South African Trade Unions (COSATU), isigxekile isiphakamiso se-Democratic Alliance sokuthi kuqedwe umthetho wezomnotho ekuhloswe ngawo ukubhekelela labo ababencishwe amathuba phambilini i-Broad-Based Black Empowerment policy.
I-DA isanda kwethula olwayo uhlelo efuna lusetshenziswe esikhundleni se B-BBEE njengoba ithi kumele kuchibiyelwe umthetho olawula ukuthengwa kwempahla i-Public Procurement Amendment Act, ukuze kuqedwe lomgomo obhekele ikakhulukazi abantu abamnyama.
I DA ithi eNingizimu Africa yentando yeningi, akusawenzi umqondo ophusile ukuthi kusetshenziswe lomthetho ohlukanisa ngokobuhlanga futhi osetshenziswa kakhulu ngosomathuba abeba kuhulumeni ngamathenda abawathola ngokuxhumana nosopolitiki.





