Skip to main content

By: Bright Ntuli

I-DA isisigxekile isenzo senhlangano iOperation Dudula sokuvimbela nokusabisa abantu abangabokufika kuleli ekutheni bathole usizo lwezempilo, ikakhulukazi ezifundazweni i-Gauteng naKwaZulu-Natal.

Lenhlangano isola abokufika abangenazo izimvume zokuba kulelizwe ngokwethwesa kanzima uhlelo lwezempilo lwalapha eNingizimu Africa.

Owe DA u-Karl le Roux uthi sebebhalele ungqongqoshe wamaPhoyisa osabambile u-Firoz Cachalia, bemcela ukuthi atshale amaphoyisa engeziwe ezikhungweni lapho i-Operation Dudula ivimba khona abantu ekutheni bathole izinsiza eziyilungelo elikumthethosisekelo wezwe.

Uthi ke banxusa umnyango wezempilo kanye nabazomthetho wakuleli ukuthi baqikelele ukuthi wonke umuntu ofuna usizo lwezempilo avikelwe ekucwasweni ngokubuzwe kanye nokusongelwa.

Uqhuba ngokuthi iOperation Dudula, iMarch and March kanye ne Action SA, kungangcono uma bebhekana ngqo nomnyango wezempilo njengoba ethi yiwo owehlulekayo.