Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

I-EFF ithi ayiyeseki imizamo yokuthi kuncishiswe uhlu lofakazi ekomidini lesikhashana lePhalamende, eliphenya ngezinsolo ezenziwa ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi.

I EFF isho kanje kulandela uukuthi amalungu ephalamende evumelene ngokuthi uMkhanazi kube nguye ufakazi wokuqala ukugibela ebhokisini, futhi kube nesikalo sokuthi kuzofakaza abantu abangaki.

Ikomidi eliphenya izinsolo zenkohlakalo nokugxambukela emsebenzini wamaphoyisa, okuhlanganisa noNgqongqoshe wamaphoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu, selithembise ukulandela uhlelo olucacile nolunobulungiswa uma seliqhuba umsebenzi walo.

Umholi we-EFF uJulius Malema uthi uma kukhona ofakazi abavalelwa ngaphandle, kungase kuphazamise umsebenzi walelikomiti, futhi kunemininingwane engeke iphumele obala.

“Ngokuqonda kwethu kumele kubizwe uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi kube uyena ufakazi wokuqala ngenxa yokuthi nguye owaqala waveza ukungcola nenkohlakalo, yize lokhu kungelona iqiniso- umuntu wokuqala owavezela iphalamende inkohlakalo eyenzeka ezinhlakeni ezahlukene zika hulumeni uShamila Batohi, kodwa waphoqwa ukuba ahoxise.”

Uqhuba ngokuthi baningi abanye abantu abangabizwa ukuba bazofakaza ngalokungcola.