Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

I-EFF eKZN ithi inkinga yokushushumbiswa kwezidakamizwa kuleli kumele iqashwe ngeso elibanzi njengoba kubalwa ngisho izikhulu zika hulumeni kuloluhlobo lobugebengu, namaphoyisa imbala.

Okhulumela i EFF eKZN Chris Msibi uthi udaba lwezidakamizwa alungabhekwa kuphela kubantu bokufika kodwa kumele kuphenywe nabantu bakuleli futhi baboshwe.

Uqhuba ngokuthi isihlava sezidakamizwa asibulali kuphela labo abazisebenzisayo, kodwa siguqisa ngamadolo umnotho wezwe ovele untengantenga.

“Wonke umuntu ophula umthetho eSouth Africa kufanele aboshwe futhi wonke umuntu ose South Africa ngokungemthetho usuke ephula umthetho kufanele aboshwe,” kubeka uMsibi.

Uqhuba ngokuthi nanoma ngubani oshushumbisa izidakamizwa kuleli, ngisho ngabe ungowokuzalwa kuleli, kumele aboshwe ngoba lezi zidakamizwa ezishushumbiswayo azibulali labo abazidlayo kuphela kepha zibulala nomnotho wezwe.