By: Bright Ntuli
IGood Party isivikele abantu bokufika ngokuthi kuyiphutha ukuthi bakhonjwe ngenjumbane ngezinkinga lelizwe elibhekene nazo, ikakhulukazi ezithinta umnotho, kanye nokuntuleka kwamathuba omsebenzi.
Leliqembu lixwayisaya ngokuthi lokhu kuyingozi engase iphehle udweshu, kube nesimo sodlame lokuhlaselwa kwabantu, njengoba kwenzeka ngaphambilini ngo 2008.
Ongunobhala jikelele we-Good Party uBrett Herron, uthi empeleni inkinga ilele kuHulumeni okunguye ohlanganisa izinqubomgomo, kuphinde kube inkohlakalo edla lubi kanye nomnotho ongakhuli ngokufanele.
“I-Good Party ithanda ukunxusa wonke amaqembu, okuhlanganisa namaqembu ezepolitiki ahlotshaniswa nomkhankaso omelene nabokufika, ukuthi ayeke ukubhebhezela umlilo wokunganeliseki,” kubeka uHerron.
Uqhuba ngokuthi lamaqembu abhebhethekisa inzondo yobuhlanga nezizwe, ezoholela ekulahlekeni kwemiphefumulo, ukuzethemba kanye nenhlonipho ngeNingizimu Afrika.



