By: Buhle Mbhele
I-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal yeseka isiphakamiso seSilo uMisuzulu kaZwelithini sokuthi lesifundazwe siqanjwe kabusha ngokuthi iKwaZulu.
Leliqembu lithi leli khwelo lifike ngesikhathi esifanele futhi nomlando wesifundazwe uyasivumela.
ISilo sasho lokhu ngesikhathi sikhuluma emcimbini wokukhumbula impi yaseSandlwana oLundi, enyakatho yeKZN muva nje.
I-IFP ikholwa wukuthi lesiphakamiso sizovula namathuba okuthi kubhekwane ngqo nemlando yaKwaZulu, ikakhulukazi udaba lwendawo iMaritzburg ebuye ibizwe ngokuthi uMgungundlovu.
Nangu uSotswebhu weqembu esiShayamthetho uBlessed Gwala echaza.
“Kufanele ukuthi kubuyiselwe igama lakwa Zulu lime lithi mpo! ikakhulukazi ngoba iKwaZulu iwumbuso iyodwa- lo ekuthiwa iKwaZulu Kingdom. Okufanele ukuthi umlando, amasiko noma ngabe ezombusazwe kodwa kusho ukuthi lelizwe liyilona impela elakwa-Zulu, hhayi ukuthi silokhu sincetheza ngaloko,” kubeka uBlessed Gwala.


