By: Phakeme Mnguni
Inhlangano i-Jacob Zuma Foundation isixwayise ngokusabalala kwe poster endala enxusa abantu ukuba banikelele uMengameli we uMkhonto weSizwe Party uJacob Zuma nethi kuqolwa ngayo abantu.
Okhulumela inhlangano uMzwanele Manyi uthi lomkhankaso wokuqongelela imali ngaloluhlobo awugunyaziwe yinhlangano.
Uthi ke inhlangano isazophendula ngesahlulelo sakamuva senkantolo esiphoqa uZuma ukuba akhokhe imali ‘yoxhaso’ lukahulumeni eyasebenza ukukhokhela izindleko zecala lenkahlakalo ayebhekene nalo, emva kokuthi ukubonisana nethimba lezomthetho sekuphothuliwe.
Kuzokhumbuleka ukuthi inkantolo ephakeme eGauteng ikhiphe isahlulelo esikhomba uZuma ukuba akhokhe isamba semali elinganiselwa ku-29 million wamarandi ezinsukwini ezingu-60 kungenjalo izothathwa empeshenini yakhe.





