By: Xolani Khumalo
Inhlangano yabahlali ebhekele amalungelo abantu besilisa i-Men’s Council of South Africa isinxuse zonke izinhlangano zomphakathi, abaholi bendabuko kanye nabahlali bakuleli ukuthi basukume basiphonsele inselelo isinqumo sakamuva senkantolo yomthetho sisekelo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto eledlule lenkantolo enkulu kunazo zonke ezweni inqume ukuthi abantu besilisa sebengakwazi ukuthatha izibongo zabafazi babo ngemva komshado.
Lesinqumo ke sidale ukuxokozela kuzwelonke kukhona abasincomayo kanjalo nabasigxekayo ikakhulukazi labo abagxile emasikweni esintu.
Umengameli walenhlangano u-Fikile Dyantyi uthi banovalo lokuthi lesinqumo sizoholela ekutheni kucekeleke phansi amasiko nagugu esintu.
“Together we can ensure that our cultural heritage and traditional values are respected and preserved. We urge the Constitutional court to reconsider this ruling and engage with the concerns of African communities. We believe that this ruling is unconstitutional and undermines the rights of African communities and their right to preserve their cultural heritage,” says Dyantyi.”




