Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

Iqembu uMkhonto weSizwe Party, esifundazweni saKwaZulu-Natal selinxuse uNdunankulu uThami Ntuli ukuthi akazame ukugwema ukusebenzisa Inyanga Yamagugu njengenkundla yokuqhakambisa kuphela umlando woMntwana uMangosuthu Buthelezi, osakhothama.

Amaqembu ezepolitiki abehambele iSession yesibili esiShayamthetho ePietermaritsburg, maphakathi nesifundazwe, lapho bekuhlangene amalungu esihlandla sesi-7, izolo.

Leliqembu ligcizelele ngokuthi uNdunankulu uNtuli, usemele isifundazwe sonke ngakho-ke kumele abonakale kanjalo emiphakathini.

Oyilungu le-MK Party uZwelakhe Mthethwa uthi, ukukhunjulwa kwamagugu kumele kubandakanye wonke umuntu, kukhombise umlando wesifundazwe owehlukene, futhi kungagxili kumuntu oyedwa, ngisho kuthiwa ubenamagalelo aziwayo.

“Isenzo se-IFP sokuqhakambisa uMntwana uMangosuthu emcimbini wakulonyaka wokugubha usuku lwamagugu singukuba ngosamathuba bezepolitiki, leliqembu kumele lingakukhohlwa ukuthi liyiqembu lezepolitiki hhayi inhlangano yohlanga.

“Njengabantu bakwaZulu Natali, sinenqwaba yamaqhawe angaqhambiswa ngendima ayidlala,” kubeka uZwelakhe.