Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Inkantolo ePhakeme ePitoli kulindeleke ukuthi ilalele isicelo soMkhonto Wesizwe Party namhlanje sokumisa ukuqhubeka kwekhomishana kaMadlanga.

Leliqembu likhala ngokuthi ukusungulwa kwalekhomishana akukho emthethweni futhi ukubekwa kukaProfessor Firoz Cachalia njengoNgqongqoshe wamaphoyisa osabambile, akuhambisani nomthethosisekelo.

Lesicelo sachithwa yinkantolo yomthethosisekelo ngoJuly, I-MK Party yabe isisifaka enkantolo yamaJaji ePitoli.

Okhulumela ikhomishana kaMadlanga uJeremy Michaels uthi bazohlonipha noma isiphi isinqumo iNkantolo ezosithatha.