By: Zilungile Mkhize
Uphiko lwezokushushisa iNPA selusishayele ihlombe isigwebo seminyaka engu-20 umuntu ngamunye esinikezwe abantu abangu 7 base China abalahlwe amacala okushushumbisa abantu.
Laba baphinde batholwa benamacala okusebenzisa, benze izingane izigqila.
Lamadoda aboshwa ngo-2019, kanti ngokuthola kwenkantolo aphoqa izakhamuzi zaseMalawi ezingu-91, nokubalwa kuzo nezingane, ukuthi zisebenze amahora amaningi ngaphansi kweso lonogada abahlomile.
Okhulumela iNPA uPhindi Mjonondwana uthi lesigwebo kumele sibe yisifundo nakwabanye abenza imikhuba efuze le, ethi iNingizimu Africa ngeke ikubekezelele ukushushumbiswa kwabantu kulelizwe.




