I-NPA Isisishayele Ihlombe Isigwebo Sobedlwengula Izingane

Written by on 15 August, 2023

By: Zilungile Mkhize

Uphiko lwezokushushisa i-National Prosecuting Authority (NPA), luthi lujabule kakhulu ngesigwebo sodilika jele abangu 12, inkantolo yamajaji eGoli egixabeze ngaso umlisa obedlwengula abantwana babafana, aphinde abashushumbise uGerhard Ackerman.

Izolo lomlisa ugcine egwetshiwe ngamacala angaphezu kuka-700 ahlobene nokuphatha indawo yokudayisisa izingane ngocansi nokuzishushumbisela imidodovu yamakhehla nabantu abadala, kanjalo nokutholakala nezithombe zocansi olubandakanya izingane.

UAckerman wayesolwa kulamacala nommeli owayedumile uPaul Kennedy, owakhetha ukuzibulala ngonyaka odlule ngemva kokuqala kokuqulwa kwalelicala.

Okhulumela i-NPA uPhindy Mjonondwana uthi isigwebo esinikezwe lomlisa sihle kakhulu, futhi unethemba nezisulu zakhe kanye nemindeni yazo izosuleka izinyembezi.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background