By: Pamella Majola
Uphiko lwezokushushisa luthi luyasamukela isinqumo senkantolo kaMantshi yaseAlexandra eGoli sokuchitha isicelo sebail sika somabizinisi uKatiso ‘KT’ Molefe.
UMolefe ubhekene noxhaxha lwamacala nokubalwa kuwo ukubandakanyeka ekubulaweni kuka Oupa Sefoka owayaziwa ngo Dj Sumbody ngo-2022.
Okhulumela iNPA kuzwelonke uPhindi Mjonondwane uthi bekungeke kulunge ukuthi uMolefe adedelwe ngebail ngoba uyingozi.
UMjonondwane uqhuba ngokuthi uma engaphandle, unamandla okuphazamisa uphenyo ngamacala abhekene nawo.
Uthi umsolwa ubhekene nesigwebo eside kanti nobufakazi bombuso buqanda ikhanda, kodwa ke uma abammeli bakhe bethatha isinqumo sokulidlulisela enkantolo ephakeme loludaba, bakulungele ukuphikisa lesinqumo.
Uqhuba ngokuthi isinqumo sejaji siqonde ukukhuthaza ukusebenza kwengalo yomthetho.



