Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Uphiko lwezokushushisa i-National Prosecuting Authority luthi luyasamukela isinqumo senkantolo kamantshi yase Alexandra eGauteng, eyenqabe isicelo sebheyili sika Vusi “Cat” Matlala osolwa ngobugebengu.

UMatlala, ubhekene necala lokuzama ukubulala intombi yakhe uTebogo Thobejane.

Izolo inkantolo inqume ukuthi ubufakazi obethulwe umbuso kulelicala bukhombisa ngokusobala ukuthi uma nje engadedelwa ngebheyili njengoba icala lisaqhubeka, angadla phansi alifulathele lelizwe.

Kuphinde kwavela nokuthi amarekhodi kaMatlala emnyangweni weZasekhaya ayashayisana nemningwane ayisebenzisayo, kanti kunezinsolo zokuthi unomazisi waseSwatini.

Okhulumela i-NPA uPhindi Mjonodwana usewashayele ihlombe namaphoyisa kanye nabashushisi abaphenya lelicala, ngomsebenzi oncomekayo abawenzile.