By: Xolani Khumalo
Amaphoyisa ngaphansi komkhankaso wawo ka Operation Shanela asephinde abopha abasolwa abangu-15,350 kuleli.
Ngokubika kwamaphoyisa kulesibalo sababoshiwe, bangu-176 abasolwa ababoshelwe ukubulala kanti abangu 155 baboshelwe ukuzama ukubulala.
Isifundazwe i-Eastern Cape sihambe phambili ngabangu 60 abasolwa ngokubulala silandelwa iKwaZulu-Natal ngabangu 43.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uAthlenda Mathe uthi amaphoyisa aphinde ashaqa impahla ekuphambene nemithetho yakuleli ukuba ingadayiswa elinganiselwa enanini lemali engaphezulu ka R5 million.





