Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Amaphoyisa ngaphansi komkhankaso wawo ka Operation Shanela asephinde abopha abasolwa abangu-15,350 kuleli.

Ngokubika kwamaphoyisa kulesibalo sababoshiwe, bangu-176 abasolwa ababoshelwe ukubulala kanti abangu 155 baboshelwe ukuzama ukubulala.

Isifundazwe i-Eastern Cape sihambe phambili ngabangu 60 abasolwa ngokubulala silandelwa iKwaZulu-Natal ngabangu 43.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uAthlenda Mathe uthi amaphoyisa aphinde ashaqa impahla ekuphambene nemithetho yakuleli ukuba ingadayiswa elinganiselwa enanini lemali engaphezulu ka R5 million.