By: Xolani Khumalo
Inyunyana yabasebenzi bakahulumeni ipublic Servants Association of South Africa ithi iyethusa imibiko yakamuza eveza ukuthi abafundi basezikhungweni zemfundo ephakame sebeyisebenzisela ukugembula imali ka-National Student Financial Aid Scheme – abaxhaswa ngayo uhulumeni.
Ibhodi lezokugembula likazwelonke selikhiphe umbiko wonyaka wezimali ka 2023/24 oveza ukuthi abantu bakuleli bagembule ngemali elinganiselwa ku R1.1-trillion ngo-2024 nokuyimali engaphezulu ngamaphesenti angu-40.2 uma kuqhathaniswa nonyaka wezimali wangaphambilini.
Oyisikhulumi se PSA u-Claude Naicker uthi sekunesidingo esikhulu-ke sokuthi izinhlaka ezilawulayo zisebenzisane ukunqanda abafundi ekutheni bagembule online ngemali abaxhaswa ngayo uNSFAS.





