By: Zilungile Mkhize
Inyunyana yothisha iSADTU isinxuse abafundi kanye nemiphakathi ezweni lonke ukuthi bangavumeli ubudedengu bokuputshuka kwamaphepha kaMatric okwenzeka ngesikhathi kubhalwa izivivinyo kwehlise isasa ngemiphumela ka Matric elindelwe ngabomvu.
Umnyango wezemfundo kuzwelonke uthi wethule umbiko oveza ukuthi kunamaphepha aputshuka esifundazweni iGauteng, nosekuqubule imibuzo ngezinye izifundazwe.
Ithimba likazwelonke eliqokelwe ukuthi liphenye ngalesigameko, kulindele ukuthi lidlulisele imiphumela yokuqala yophenyo lwalo ngaloludaba kungqongqoshe wezemfundo kuzwelonke uSiviwe Gwarube.
Phakathi kwezifundo ezithintekayo, kubalwa i-English Home Language, Phyisical Science kanye ne Mathematics.
Unobhala we SADTU uNomusa Cembi uthi lesigameko akumele sehlise isithunzi nesasa ngemiphumela yabafundi ezweni.



