By: Nhlanhla Mbokazi
Inhlangano yamatekisi, i-SANTACO e-KZN, ithi ikhona imizamo eyenziwayo ukuqinisekisa ukuphepha kwezingane ezihanjiswa ngo malume ezikoleni.
Lenhlangano isho kanje njengoba ziqhubeka nokwanda izigameko zezingozi ezibandakanya amatekisi athutha abafundi.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto eledlule kushone abafundi abangu-5, eMbali Unit 18, ePietermaritzburg, ngesikhathi itekisi abebehamba ngalo lishayisa inkulisa yendawo, kwathi ngosuku olulandelayo kwalimala abanye abafundi kuyona lendawo.
Kanti izolo bafundi abangu-20, balimale kanzima ngesikhathi itekisi abelibayisa esikoleni liphonseka ebhulohweni eMpendle maphakathi ne KZN.
Ekhuluma nabezindaba, usihlalo we-SANTCO e-KZN, uBoy Zondi, useveze ukuthi sebahlangene nosihlalo bezimoto ezithutha izingane esifundeni uMgungundlovu ukubanxusa ukuthi baqikelele ukuthi izimoto zabo zisesimweni esifanele ukuba emgwaqeni.


